Joyous Celebration - Unkulunkulu Wezimanga Şarkı Sözleri

Kule minyak' engaka ngidlal' ukuhluphek' emhlabeni
Kule minyak' engaka ngilal' usiz' emhlabeni
Kant' uNkulunkulu uphambi kwami
Uphambi kwami
Uyangihlolel' emadlelwen' aluhlaza

Kule minyak' engaka ngidlal' ukuhluphek' emhlabeni
Kule minyak' engaka ngilal' usiz' emhlabeni
Kant' uJehova uphambi kwami
Uphambi kwami
Uyanginqobela njal' izitha zami

Ngazula ngazula ngazula
Ngamihla le ngifuna le nalena
Kant' ukhon' ongithandayo
Kant' ukhon' ongithandayo


UNkulunkulu uyangithanda
(Yen' uyangithanda)
Bengingazi uyangithanda nam

(Ungithanda noma nginjena mina)
Uyangithanda
(O mina nginjena)
Kant' ubathanda bonke abantu

Kant' uJehova mkhulu kangaka kimi
Uyaz' uJehova ubonis' ubukhulu bakhe kimi
Ngiyobonga ngithini na?
Ngiyobonga ngithini na kuye?

Wangikhiph' eGipite ezweni lobugqila
Wangifak' ekukhanyeni
Kuyakhanya manje
Kuyakhanya manje
Bu şarkı sözü 413 kere okundu.